OweNtokozo FM uveze amahlazo ngokushona koweMbokodo FM

Isambane News WhatsApp-Image-2018-06-19-at-19.02.04-225x300 OweNtokozo FM uveze amahlazo ngokushona koweMbokodo FM  Isambane

Isambane News WhatsApp-Image-2018-06-19-at-19.02.04 OweNtokozo FM uveze amahlazo ngokushona koweMbokodo FM  IsambaneSamaJobe Zulu – Ugasele enkundleni yezokuxhumana umsakazi weNtokozo FM nophinde abe ngumlingisi wemidlalo yomoya emsakazweni omkhulukazi eNingizimu Afrika Ukhozi FM, uMcinelwa Shezi. Lo msakazi osakaza uhlelo lukaMaskand kumsakazo osanda kuvulwa eMlazi, udabuka eMbumbulu. NgoLwesine ubengomunye obekade ethamele inkonzo yesikhumbuzo yalowo obenguMsakazi weMbokodo FM, uMfundisi Simphiwe Mbeje. Iphephandaba iSambane News like labika ngokudlula kwalomfundisi.

Kubikwa ukuthi uShezi wacasulwa inkulumo yesikhulumi sokuqala, esasiphuma kwiBhodi leMbokodo FM. Isambane News yayikhona kule nkonzo, yazizwela uThulas Mthwa ethi uMbeje wafika kwiMbokodo FM engakholwa. Kwaze kwaphawula umthombo weSambane News ongashayi eceleni obowusondelene noMbeje ukuthi kungamampunge okushiwo ilomfokazi. Ugasele kufacebook uShezi wabhala kanje: “UThulas Mthwa ungixakile ekhuluma esikhumbuzweni sikaMbeje ekhuluma into angayazi. UMbeje uqale kwiMbokodo evele ekholwa. Uthi kwakunezitaputapu kuetulwa uNgema. Yini sihlale sifenyiswa safukuza kangaka! Uma eneqiniso kungani engayixoxi eyakhe ezama ukuketula uNgema. Akoyixoxa phela ukuthi yena nothize kwabizwa ingxenye yabasakazi boselwa inyama eMeat Junction ePoint…” Kulenkulumo kuvela nokuthi uMthwa lo nomunye yibona ababecula ngomphathi wmomsakazo beveza amahlazo wakhe.

Ebuzwa uShezi ngalokhu uvumile ukuthi kuyiqiniso, uma esebuzwa ukuthi kungani wakusula ekhasini lakhe leFacebook wabuzwa ukuthi umayelana nani umbuzo, “Ungenza inyoni uqala ngokungibuza ugcina ngokuchaza wenzelani? Nx!” Kubeka yena.

Ucingo lwaMuthwa belukhala lungabanjwa nomyalezo eshiyelwe wona akawuohendulanga. NoNgema ongumphathi womsakazo akazange awuphendule umqhafazo athunyelelwe wona kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Related posts

Leave a Comment