UDABA Ngu: Khethiwe Mazibuko
Isithombe: Sithunyelwe
ONGUMSUNGULI weNkampani iBinza Group ulambele ukuguqula kanye nokuthuthukisa intsha yase Newcastle ngaphansi koMasipala iMajuba.
uSimphiwe Sgalamba Mthethwa owaziwa ngokufundunda izindaba
emsakazweni uKhozi FM, ngaphansi kwe Binza Group. Bahlela umhlangano wokucobelela ngolwazi(WORKSHOP) emikhakheni ethinta ezokusakaza ,nakumabonakude.
iBinza Information Network ikwenza lokhu ngenhloso yokuthi bonke abantu abasha base Majuba basizakale futhi baqonde ukuthi umsakazo kanye nomabonakude kusebenza kanjani, Ikakhulukazi abafundibaka Grade 11 no 12. Kanti umongo walomhlangano ukucobelelana ngokwazi nokuthi abantubazi ukuthi yini umsakazo, umuntu onjani ofanele abengumsakazi kanye nokuthi imaphi amanye amathuba akhona, ngaphandle kokuthiune ngumsakazi.
Nokuthi ungaguqula kanjaniulwazi onalo ngezemisakazo ulenzelikusebenzele kwezamabhizinisi. uMthethwa uchaze abantu abasha base Majuba njengabahlakaniphile njengoba kunemisakazo emine kubalwa khona amaCommunity Radio amabili kanye nama Online Radio amabili. Uthe abantu abasha bayadinga ukuhalaliselwa, kanye
nokugqugquzelwa njengoba ama online Radio akhona eMajuba asungulwe ngabantu abasha.
Lomhlangano wokucobelelana ngolwazi uzokuba ngezi 18 ku Ncwaba2018 kanti uzohlukana izigaba ezimbili. iBinza
Information Network ibambisene nama Phoyisa ase
Osizweni kanye nemisakazo yase Majuba okuyi Newcastle Community Radio , Abusekho Ubunzima Christian Radio, Amajuba FM kanye ne Radio 034 bayanxusa abangathanda ukuxhasa kulomsebenzi bangaxhumana nabo kulenombolo yocingo ethi: 079 5808451.