Udaba ngu: Thandeka Shongwe
Kusukela ngomhlaka 17 June 2019 kuqale amakilasi (class) asebusika okuzicijela izivivinyo zokuphela konyaka kwabafundi abenza ibanga leshumi ezikolweni ezakhele uMkhondo namaphelo.Kulindeleke ukuthi lamakilasi asebusika athathe amaviki amabili.
Obhekelele loluhlelo lwamakilasi asebusika owu-Centre Manager uMnu S. D Motha oqaphe izindawo ezintathu nokuyiNdlela High School, Kempsite neZedelen Post uchaze loluhlelo njengohlelo olunikezelwa uhulumeni ezikoleni ezithole imiphumela engaphansi kuka 70% , emiphumeleni yangonyaka odlule kamatikuletsheni, Waphinde wananela ngokuthi loluhlelo lokufunda ngamaholidi asebusika lusiza kakhulu ekutheni abafundi bekwazi ukuzilungiselela izivivinyo zokuphela konyaka phinde futhi bekwazi nokubuyekeza izifundo ezibanikeza inkinga.
UMotha uphinde wakhala ngokuthi abafundi abafiki ngesikhathi kulamakilasi futhi nezibalo zabafundi okulindeleke babe yingxenye yalamakilasi ziphansi.
Umfundi owenza ibanga leshumi eNdlela High School uBuhlebezwe Manana owenza izifundo zesayensi ephawula ngaloluhlelo lokufunda ngamaholidi asebusika udalule ukuthi lamakilasi abalulekile kakhulu njengoba ayabasiza babuyekeze ndawonye futhi awusizo nasekunyuseni izinga lokuphasa kwabafundi. Naye lomfundi uphinde wakuveza ukuthi izibalo zabafundi abeza kulamakilasi ziphansi kunalezi ezilindelekile nokuthi noma befika abanye bafika emva kwesikhathi.
Lomfundi uphinde wathi uyafisa ukundlulisa umyalezo wokuthi imfundo iwukhiye wempumelelo kozakwabo abalushaya indiva loluhlelo.
INdlela High School izibeke kubalazwe ngemiphumela yangonyaka ondlule ngenkathi iba nomfundi ophume phambili esifundeni sase Gert Sibande.
