Udaba ngu: Njabulo Shezi
Sekuhoxe neMadagascar ekudlaleni neBafana Bafana,lokhu kungenxa yezibhelu ezilokhu ziqhubekile eGoli zokuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli.
iMadagascar beyilindeleke ukuthi itheleke kuleli kusasa bese ibhekana neBafana ngoMgqibelo ngo19:00 ntambama.Kuhoxa iMadagascar nje ngaphambilini bekuke kwabikwa ukuthi iBafana Bafana izodlala neZambia kodwa nayo yahoxa ngenxa yezibhelu ezidlalubi njengoba sekuhoxa neMadagascar nje.