Andizo Mthembu –
Ukuqashwa kuk Owen Da Gama eqenjini le Highlands Park lokho kube nezithelo ezinhle kakhulu njengoba iqembu kubonakala libuyela kwi Premier Soccer league, u Da Gama ufike kwi Highland park ngonyaka odlule isidlala ehlathini kanti abaphathi beqembu bambekele umgomo wokuthi abuyisele leliqembu kwi Psl eligawulwe izembe ngesizini ka 2016/17 ngeskhathi iHighland park inyukela kwi Psl yayiqeqeshwa u Allen Freese kodwa ke zithe izinto sezingamhambeli kahle kwi Psl ufreese abaphathi beqembu bamkhomba indlela baqasha u Gordon Igesund owafika wacwilisa umkhumbi kakhulu nokwaholela ekutheni leli qembu ligawulwe izembe,abaphathi bebe sebeqasha u Owen Da Gama nofike wabuyisa u Allan Freese njengozoba umsizi wakhe.
Iqembu le Highland Park emdlalweni ewu 23 asebeyidlalile sebenqobe ewu 15 badlala ewu 5 ngokulingana ,bashaywa ewu 3 kanti bahlezi
endaweni yokuqala ngamaphuzu awu 50,iqembu elilele isibili i Real Kings ngamaphuzu awu 38.akungabazeki ukuthi iHighland park izonyukela kwi Psl igijima kwazise umqeqeshi okhona unekhono eliyisimanga lokuhlelela iqembu azobhekana nalo kanti u Owen Da Gama ispiliyoni usithole kakhulu eqenjini lesizwe iBafana Bafana.