IJaji uBernard Ngoepe uyalele iSoccer Laduma ukuba ixolise kumdlali weKaizer Chiefs kanye naleliqembu.
Lokhu kumayelana nesiqephu esabhalwa yintatheli yaleli phepha uPatric Baloyi ngokuthi waba nengxoxo nomdali uLucky Baloyi.
Ibhola lingakumisela ngenhliziyo uma unganakile – Umqeqeshi
Lo mdlali kanye neqembu lakhe bafaka isikhalazo kumkhandlu owengamele ibhola ngokuthi lo mdlali akakaze abe nengxoxo nale ntatheli.
Ngesikhathi kubuzwa ngale ngxoxo, intatheli yafunga yagomela ukuthi yabakhona le ngxoxo futhi wathulela ne-afidavithi efunga ukuthi yenzeka.
Yize kunjalo, ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili kuqulwa leli cala, umkhandlu uvune lo mdlali kanye naleli qembu.
Abathandi bebhola baligxeke kabi leli phephandaba basho nokuthi leli cala akulona lokuqala futhi akulona elokugcina.
Yize lixolisile, kodwa lokho besekufana nokuthela amanzi emhlane wedada