
Ungqongqoshe womnyango wezenhlalakahle uLindiwe Zulu uzovala lelisonto esifundazweni saseMpumalanga endaweni yaseMalahleni la ezofike axoxisane namalunga omphakathi ngokubaluleka kokunakekelwa kwabantwana, nangendlela abangivikelwa ngayo emphakathini abantwana.Lelisonto lokuvikelwa kwabantwana liqale ngomhlaka 2 June kanti kulindeleke ukuba liphothulwe ngomhlaka 9 June.
Abantwana abaningi lapha eNingizimu bayabulawa, abanye abayadlwengulwa kanti abanye bayashushumbiswa ngezindlela eziningi ezahlukene.
Indawo yaseMalahleni ikhethwe njengendawo yokuvala lelisonto lokuvikelwa kwabantwana ngoba kuleyandawo ziningi izigameko zokuhlukunyezwa kwabantwana ezibikiwe.
Kulelisonto nje kuphela owesifazane wase Klarinet uvele enkantolo ngezinsolo zokubulala abantwana bakhe abane , kwaphinde kwathunjwa uGabisile Shabane ophila nebala elimhlophe watholakala esebulewe, nezinye nje izigameko eziningana.

Ukugubha lelisonto umnyango wenza imikhankaso eminingi eyahlukene uqwashisa umphakathi ngezindlela ongavikela ngazo abantwana emiphakathini.
Ngokomthethosisekeklo walapha emzansi bonke abantwana banelungelo lokuvikelwa.
Kubika abezindaba zeJozi FM. Isithombe sicashunwe ku: https://twitter.com/lindiwezulu