Sesiphinde senyuka isibalo sabantu abahaqwe yigciwane leCorona kuleli | Isambane News

Isambane News covid-19-1-300x159 Sesiphinde senyuka isibalo sabantu abahaqwe yigciwane leCorona kuleli | Isambane News  Isambane

Siphinde senyuka isibalo sabantu abahaqwe yigciwane leCorona Virus (COVID-19) kuleli.

Lesibalo senyuke safinyelela ku 1749 ngabantu abangu 31 uma kuqhathaniswa nesibalo sangokwedlule.

Lezi zibalo ziqinisekiswe uNgqongoqshe weZempilo kuleli uDkt Zweli Mkhize izolo.

Isifundazwe saseGauteng yiyona esihamba phambili ngabantu abahaqwe yigciwane leCovid-19 ngabangu 713.Inani labantu asebedlule emhlabeni ngaso lesisifo simi ku-12 kuleli.

Umuntu odlule emhlabeni kamuva owasesifundazweni saseWestern Cape.Umufi owesilisa oneminyaka engu-57 ubudala obenesifo sikashukela nesifo senhliziyo.

Related posts

Leave a Comment