Sidambile isimo sombhikisho e Eldorado Park

Isambane News 18358815_1912477858970462_7830583815793334778_o-300x206 Sidambile isimo sombhikisho e Eldorado Park  Isambane

Isimo eEldorado Park sesidambile kulandela umbhikisho wezakhamzi iwokulethwa kezidingo.
Lombhikisho obusudonse isikhashana futhi unodlame ubukeka sengathi ufinyelela ekupheleni.
Okhulumela amaphoyisa ukennel Lungelo Dlamini uthi imigwaqo ebivaliwe isivuliwe isimo sithulile.
uDlamini uthi kuze kube imanje bangu 62 abasolwa asebeboshiwe selokhu kwaqala umbhikisho.
Iningi labasolwa ababoshwa baboshelwe ukudala udlame emphakathini,ukuzitapela ezitolo nokucekela phansi impahla.
uDlamini uthi abanye babasolwa bavelile enkantolo namhlanje kanti abanye bazovela ksasa .
Amaphoyisa akwazile ukuthola ezinye zezimpahla ebezebiwa kwezinye zezitolo

Related posts

Leave a Comment