U BABES UPHIKA EYOKWESULA ICALA

Isambane News 57469184_643734506091712_2047901897779576832_n-255x300 U BABES UPHIKA EYOKWESULA ICALA  Isambane

Udaba Ngu: Njabulo Shezi

Isihlabani somculo weGqom kuleli uBongekile Simelane odume ngelika Babes Wodumo uphika ulala ngomhlane kweyokuthi ulisulile icala lokushaywa alivulela uMandla Maphumulo odume ngelika Mampintsha.

UBabes uthi ukhulume nonguMmeli wakhe ukuthi mababoshwe bonke labantu abasabalalisa izindaba zokuthi ulisulile icala.

UNondumiso Simelane ongudadewabo kaBabes aphinde abe ngumphathi wakhe uthi zingamampunge lezindaba zokuthi ulisulile icala njengoba kade lingenile mhlaka 15 kwephezulu.

Kuvela lezindaba nje uMampintsha usanda kukhipha ngokuhlanganyela noBabes noDj Tira iculo elisihloko esithi “Kukhon’ingane Layindlini” nokuphinde kwasabalalisa izinsolo zokuthi uBabes noMampintsha babuyelene.

Isithombe sicashunwe ku-Facebook: https://www.facebook.com/bongekile.wodumo

Related posts

Leave a Comment