U Kelly Khumalo uthi akahlanganise lutho nomndeni wakwa Meyiwa | Isambane News

Isambane News EZXi-PmX0AE8Lg3-225x300 U Kelly Khumalo uthi akahlanganise lutho nomndeni wakwa Meyiwa | Isambane News  Isambane

Umculi we-Afro pop kuleli obeyintombi kaSenzo Meyiwa, uKelly Khumalo uthi ayikho into ayihlanganise nomndeni wakwaMeyiwa kanti nengane yakhe ayithola naloyo owayengunozinti weBafana Bafana neOrlando Pirates uSenzo Meyiwa uthi ingeyekwa Khumalo njengoba ingazange ihlawulwe.

Isigameko okubulawa kukaSenzo senzeka eZamo Section eVosloorus eGoli ngo-2014 lapho kwagasela khona amadoda ayengaziwa emzini kaKelly Khumalo afika abamba inkunzi abaphoqa ukuthi bakhiphe imali kanye nomakhalekhukhwini ase ebulala uSenzo.

UKelly usole umndeni wakwaMeyiwa ngokwenza abantu baseNingizimu Afrika bacabange ukuthi nguyena obenesendla ekubulaweni kukaSenzo njengoba bebehlale bekhuluma izinto ezimbi ngaye.

uKelly ukhulume kanje emsakwazweni uKhozi FM ohlwelweni lwezemidlalo lapho ebecacisa khona ngobudlelwane ayenabo noSenzo.

Lalela inkulumo ephelele kwi podcast ngezansi

Isithombe sicashunwe ku: https://twitter.com/KellyKhumaloZA

Related posts

Leave a Comment