U Pitso Mosimane uthi akusizi ngalutho ukudlalela ekhaya koweChampions League

Isambane News is U Pitso Mosimane uthi akusizi ngalutho ukudlalela ekhaya koweChampions League  Isambane

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ukholelwa ukuthi ngeke kubasize ngalutho ukudlalela ekhaya umlenze wokuqala womdlalo wamanqamu weCAF Champions League.

AmaBrazilian azokwamukela iZamalek eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ntambama, ngaphambi kokuba alibhekise eNyakatho ye-Afrika ukuyodlala umlenze wesibili eBorg el Arab Stadium ngeSonto elizayo, Okthoba 23.

UMosimane kodwa ukholelwa ukuthi alikho iqembu elizosizwa ukuthi lidlalela ekhaya kuyona yomlili imidlalo.

Uthe imvamisa iqembu lasekhaya yilona elisuke lingaphansi kwengcindezi ngoba uma ushaya igoli lona kumele lishaye amabili, kubika iKickOff.com.

Related posts

Leave a Comment