Ubekwe ngesizotha endlini yakhe yokugcina u Joe “Sdumo” Mafela

Isambane News 17629934_724294061065063_3171279770136495520_n-240x300 Ubekwe ngesizotha endlini yakhe yokugcina u Joe "Sdumo" Mafela  Isambane

Inkonzo yomgcwabo kalowo obengumlingisi kumabonakude uJoe Mafela owaduma kakhulu ngegama likaSdumo iqhubekile ngesizotha.
Inkonzo yomgcwabo ibibanjelwe emagcekeni ase UJ campus eSoweto
Undunankulu wezebuciko namasiko uNathi Mthethwa nabanye abasebenze nengqalabutho kwezikamabonakude babengezinye izikhulumi kunkonzo yomngcwabo yokuphelezela uSdumo.
Umndeni,izihlobo nabathandi baka Sdumo bathi bazomkhumbula Isambane News 17554330_1891787324372849_2253705520082820992_n Ubekwe ngesizotha endlini yakhe yokugcina u Joe "Sdumo" Mafela  Isambanengamahlaya akhe nenjabulo ebehlezi enayo nenhliziyo yakhe ebimnene.
uMafela ubethandwa kuzwelonke lakuleli.
uMafela udlule emhlabeni emvakwengozi yemoto ngesonto eledlule.
Udlule emhlabeni eneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu ubudala.
Ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe nezingane zakhe ezine nomndeni wakhe.
Intatheli yomsakazo iJozifm uOscar Masiya ubehambele lenkozo yomgcwabo wasiqoqela lombiko.
Ubekwe emathuneni ase Wespark Egoli_

Related posts

Leave a Comment