Ubhekwe ngabomvu owe-Greater Harvest Church Int Galla Dinner 2019 | Isambane News

Isambane News 69450094_953061791700799_3733818346919952384_n-300x286 Ubhekwe ngabomvu owe-Greater Harvest Church Int Galla Dinner 2019 |  Isambane News  Isambane

Njengoba izwekazi iNingizimu Afrika libungaza inyanga yembokodo ngemicimbi eyahlukahlukene: nebandla i-Greater Harvest Church International nalo lihlele umcimbi obizwa nge-Galla Dinner 2019,osiqubulo sawo sithi “Building a Legacy that Lasts”.

i- Greater Harvest Church International ibandla elikhonzela eMajuba Park,eNewcastle eliholwa ngu-Bishop E.P Dlomo kanye no-Lady Bishop A.T Dlomo.

Lomcimbi uzoba se-Vulintaba Country Hotel eNewcastle,ngempelasonto yomhlaka 24 Agasti 2019.

Isikhulumi sosuku kuyobe kungumama u-Connie Ferguson ongumlingisi kuleli, odume nowaziwa kakhulu ngo-Karabo Moroka owayelingisa kumdlalo omkhulu owuchungechunge obizwa nge “Generations”.Esinye isikhulumi esibhekwe ngabomvu kulomcimbi uMnuz Sboniso Mtshali.

Imininingwane ephelele ngalomcimbi kwi-Sikhangiso ngezansi.

Isambane News 69450094_953061791700799_3733818346919952384_n-1 Ubhekwe ngabomvu owe-Greater Harvest Church Int Galla Dinner 2019 |  Isambane News  Isambane

Related posts

Leave a Comment