Ubonakale ku Wits u Gaxa

Isambane News images-5-300x171 Ubonakale ku Wits u Gaxa  Isambane

Lowo owayengumdlali weKaizer Chiefs, uSiboniso Gaxa, ubonakale eqenjini iBidvest Wits ebeldlala emqhudelwaneni weGauteng Champion of Champions ngempelasonto.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala okwamanje akanalo iqembu njengoba esalwisana nodaba lokuxoshwa kwakhe yiChiefs ekupheleni kwesizini edlule, nakuba adalula ukuthi wasayina inkontileka entsha naleli qembu.

Njengoba udaba luka”Pa” neChiefs lusaqhubeka, okwamanje uziqeqesha neWits ngethemba lokuthola ikhaya elisha uma udaba lwakhe seluphothuliwe, kubika iSoccer Laduma

Kuthiwa sekuphele isikhathi esingangenyanga uGaxa ejima neWits njengoba efuna nokuzigcina esimeni esifanele ukudlala ibhola.

Ngeshwa ke akalisizanga iqembu iWits kulo mqhudelwane njengoba beshaywe ngeleSuperSport United.

Amahlebezi athi iWits izimisele ngomsayinisa lo mdlali uma nje udaba lwakhe neChiefs seluphothuliwe

Related posts

Leave a Comment