Ubonga uJehova uEdward Mothibi odle umhlanganiso emjahweni we-Comrades Ultra Marathon 2019

Isambane News 62043891_2009991012446384_490021305656016896_n-225x300 Ubonga uJehova uEdward Mothibi odle umhlanganiso emjahweni we-Comrades Ultra Marathon 2019  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

UEdward Mothibi ongumsubathi waseRusternburg,eNorth West udle umhlanganiso emjahweni we- Comrades Ultra Marathon 2019 obungowesi-94 kulonyaka osuke ngo 5h30 ekuseni eThekwini waphelela eMgungundlovu,esifundazweni saKwa-Zulu Natal namhlanje.

Isambane News 62154052_2009991139113038_74099537454563328_n Ubonga uJehova uEdward Mothibi odle umhlanganiso emjahweni we-Comrades Ultra Marathon 2019  Isambane

UMothibi waqeda lomjaho we-Comrades Ultra Marathon endaweni yesine ngonyaka odlule (2018).UMothibi ubegijima ngaphansi kweqembu le-Bonitas, uqede lomjaho esikhathini esingu 5:31:33,endaweni yokuqala emjahweni obungu 89km.

uMothibi ekhuluma nabezindaba uthe “Ngibonga uJehova onginike amandla okunqoba lomjaho we- Comrades Ultra Marathon,ukubekezela kwami ngizilolongela lomjaho kungisebenzele kakhulu, ngoba benginethemba lokuthi ngelinye ilanga ngiyonqoba,kwenzekile namhlanje”,kubeka uMothibi.

I-Vido icashunwe kuYouTube eKhasini leSABC : Buka uEdward Mothibi ngesikhathi eqeda umjaho

UBongumusa Mthembu owanqoba lomjaho endaweni yokuqala ngonyaka odlule, uphume isibili emjahweni walonyaka.Umthembu ubengomunye wabasubathi akade bethwele ngeqoma lomjaho njengoba bekusele kancane ukuba aphume endaweni yokuqala.

I -Vido icashunwe kuYouTube eKhasini leSABC : Buka uBongumusa Mthembu ehalalisela uEdward Mothibi ngokudla umhlanganiso kulomjaho.

UMthembu ophume endaweni yesibili ube esehalalisela uMothibi ngokudla umhlanganiso kulomjaho.

Izithombe sicashunwe kuFacebook: https://www.facebook.com/KZNDSRSA

Related posts

Leave a Comment