UBONGE BONKE ABAMFAKELE INGCINDEZI OWECHIEFS EVALELISA

Isambane News Steve-Komphela02-300x188 UBONGE BONKE ABAMFAKELE INGCINDEZI OWECHIEFS EVALELISA  Isambane

Andizo Mthembu –

Umqeqeshi we Kaizer Chiefs uSteve Komphela udide abantu abaningi ngenkulumo yakhe kumabonakude ngemuva komdlalo wabo ne Platinum Stars ngesonto eFNB Stadium nalapho khona ebonge bonke abalandeli abamfakele ingcindezi kwiChiefs ngoba makuthiwa lokho abakwenzanga ngabe akasiye lomqeqeshi awuyena namhlanje,kanti lenkulumo kaKomphela ibikhombisa ukuthi angeke asayivuselela inkontileka yakhe naMakhosi njengoba ehlulekile ukuthi athathe izicoco kuleliqembu kanti futhi nabalandeli abasamuthandisisi kuleliqembu njengoba emasontweni adlule ephume esegadiwe nabadlali, abalandeli bebashaya ngezigubhu ngemuva kokuthi beshaywa iChippa United ngamagoli amathathu eqandeni.emdlalweni wangesonto iChiefs ibuyise ukuzethemba kwayo ishaya iPlatinum Stars ngegoli elilodwa eqandeni nokuyigoli elivalelwe phakathi u Eksteni.

Ngesonto eledlule iChiefs ikhiphe isitatimende lapho khona besiqinisekisa ukuthi ekupheleni kwesizini amakhosi azokwenza izinguquko eziningi eqenjini njengoba ingenzanga kahls kumasizini adlule.kanti iKaizer Chiefs isesethubeni lokuthi ithathe indebe yeNedbank Cup njengoba izobhekana ne Free Stats stars emdlalweni owandulela owamanqamu ngomngqibelo eMoses Mabhida Stadium,eThekwini,noma kunjalo abalandeli beChiefs basho kugcwale umlomo ukuthi uSteve kufanele ahambe kuMakhosi.

Lenkulumo kaKomphela yangesonto icacele ngisho ingane encane ukuthi noma ikanjani uyaphuma eNaturena ekupheleni kwesizini”ngaphambi kokuthi ngihambe kubalulekile ukuthi ngibonge wonke umuntu ongifakele ingcindezi ,ngabe angikho kulelizinga engikulona ngaphandle kwabo,ngabe angilona idayimane engilona namhlanje ukube abangifakelanga ingcindezi”,kusho uKomphela

Lomqeqeshi useke waqeqesha iqembu le Maritzburg United, Platinum Stars kanye ne Free state stars.

Ngaphandle kukaKomphela ongase ahambe kwiChiefs kunabadlali abaningi okuvela ukuthi bazogawulwa izembe ngenxa yokungenzi kahle eqenjini.

Related posts

Leave a Comment