Uboshelwe amanqina enyathi u-Ephraim “Shakes” Mashaba

Isambane News FB_IMG_14735299991434261-300x210 Uboshelwe amanqina enyathi u-Ephraim "Shakes" Mashaba  Isambane

Uboshelwe amanqina enyathi u-Ephraim “Shakes” Mashaba ongumqeqeshi weBafana Bafana ohleli lubhojozi kulesi sigqiki njengoba kukhona abafuna axoshwe.

IBafana ishayane yaze yabukana neGhana kuba ngu-1-1 kowesihle ngoLwesibili ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Igijima lo mdlalo nje, ngoMgqibelo ibibhekene neBurkina Faso kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba kulo leliya lizwe. Nawo lo mdlalo ugcine uphele zibambene ngo-1-1.

ILANGA lihletshelwe ngumthombo walo ongaphakathi kwiSouth African Football Association (Safa) ukuthi uMashaba uboshelwe amanqina enyathi yizikhulu ezithile kule nhlangano ezifuna afeyile bese ephuma ngesango. Kuthiwa ziyasaba ukumqonda kwazise akasabi lutho, uyazikhulumela.

“Ngesikhathi sidlala imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) izinto bezihamba kahle. Emidlalweni yangaphandle besiqashelwa indiza ezimele isibeke lapho esiya khona, siqede umdlalo sibuye. Emuva kokuba iqembu lihlulekile ukuya kule midlalo ye-Afcon izinto zijikile.

“Kulo mdlalo weBurkina Faso nje sichithe amahora angama-20 ebhanoyini. Besihamba sizungeza amazwe umqeqeshi waze wavuvukalelwa yizinyawo wukuhlala ndawonye isikhathi eside. Uma sibuza ukuthi kungani sekushintshe izinto kuthiwa imali kayikho. Into ebuhlungu nemidlalo yesihle ihlelwa uMashaba nethimba lakhe labaqeqeshi bengazi,” kusho lo mthombo ocele ukuba igama lawo lingadalulwa.

Emuva komdlalo weGhana, uMashaba ubebonakala ukuthi ukhathele uwudaka kanti enkulumweni yakhe kuvelile ukuthi kukhona okushaya amanzi.

“Sidlale lo mdlalo singazange silikhahlele ibhola. Into esiyenzile nje wukungena kwi-swimming pool kwazise odokotela bathe ngeke sikwazi ukujima abadlali bakhathele sizothatha kwawona lo mfutho wokugcina abanawo. Ngiyethemba ukuthi lezi zinto zizolungiswa ngoba ekugcineni imiphumela iyadingeka,” kusho uMashaba.

Nokho uthi kuningi akubonile kulo mdlalo okuzodinga ukulungiswa ngaphambi kokubhekana neSenegal ngenyanga ezayo lapha ekhaya emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

“Inkinga enkulu esibhekene nayo wukuthi uma silahle ibhola kuba nzima ukulithola, kangazi ukuthi singayilungisa kanjani le nto kodwa kona kufanele ilunge. Nanokuthi njalo sikora kuqala kodwa uma umdlalo usuzophela sikhavwe.

Ngeke ngithi wubudedengu, wukungabi nolwazi olunzulu lwebhola kubadlali,” kusho uMashaba.

Kubukeka ubuholi obuphezulu beSafa bungasamethembi kahle uMashaba. Lokhu kucace enkulumweni kaDanny Jordaan onguMengameli weSafa ayenze kwesinye isiteshi somsakazo ngaphambi kokuqala komdlalo weGhana. Ubuzwe ukuthi uma ebheka sinalo yini ithuba lokuya emidlalweni yeNdebe yoMhlaba.

Kunokuthi anike impendulo eqondile njengoba uMashaba ekubeke kwacaca ukuthi siyaya, uJordaan uvele wancoma iSenegal. Uthe ngendlela iSenegal edlala ngayo kubukeka kuzokuba nzima. Ube esenekela izwe ukuthi yena akucela kuMashaba wukuthi alungise iqembu qha, libuyele esimweni ebesiyilo phambilini.

Ube esekuveza nokuthi bekungelula ukuthi baxoshe umqeqeshi sekusele amaviki ambalwa kudlalwe owokuhlungela iNdebe yoMhlaba bekuzokube bazifaka engozini. Kubukeka iSafa isazohlala naye uMashaba ebukeka ingamethembi kwazise uJordaan uveze ukuthi noma yisiphi isinqumo abazosithatha ngomqeqeshi le midlalo isiqalile sizogxekwa.

Ubona kungcono baqhubeke naye uMashaba.

Related posts

Leave a Comment