Andizo Mthembu – Njengoba sekuyizinsuku zamaholidi nalapho khona iningi labantu lisuke lizijabulisa ngendlela ezahlukahlukene, osukwini lwangesonto eNombika Sports ground endaweni yaseNdwedwe kuzoba khona umcimbi omkhulu obaminyaka yonke obizwa ngokuthi indayi home coming festival nalapho khona kuzobe kuboshelwe abaculi abakhulu abahlukahlukene.
Ngokusho komsunguli walomcimbi uHlangu Msomi uthi kulonyaka abantu bazobhema bakholwe ubumnandi obuzokwenzeka kulomcimbi njengoba belethe ngisho abaculi bokholo okunguBabo Ngcobo osanda kuhlabana ngendondo kumaCrown Gospel Awards emasontweni adlule kube khona nabathandwa abadume kakhulu ngengoma yabo ethi “umoya wami uyavuma”.
uMsomi ekhuluma nabezindaba uphinde wathi kulonyaka izinga lizobe linyuke kakhulu njengoba belindele isibalo sabantu ukuthi sinyuke kulonyaka kanti balindele abantu baseNdwedwe nabaqhamuka ezindaweni ezahlukahlukene ukuthi bethamele lomcimbi omkhulu, kanti abaculi abazobe beshiyelana inkundla uDj Tira, Dladla Mshunqisi, Lvovo,Babes wodumo, Dj spectacular and Naves, Khuzani Mpungose, Qhosha, Cevuzile nabanye abaningi kantiabazobe bephethe uhlelo uMandla “Njinji” Magwaza kanye nontandakubukwa waseThekwini uTha Simelane.
Amathikithi alomcimbi asatholakala eComputicket ngo R150 kanti awezichukuthwane wona atholakala ngo R500.