UCHAYISE AMAQEMBU APHESHEYA WAJOYINA IKAIZER CHIEFS

Isambane News mamelodi-sundowns-khama-billiat_s8ai6hvt7vxb1bj9f7b9b2mvo-300x169 UCHAYISE AMAQEMBU APHESHEYA WAJOYINA IKAIZER CHIEFS  Isambane

Andizo Mthembu –

Iqembu leKaizer Chiefs kushone ilanga layizolo selimemezele umdlali wayo omusha ophuma eqenjini leMamelodi Sundowns uKhama Billiat ,lomdlali oneminyaka ewu 27 ubudala ubefunwa othulini amaqembu aphesheya kwezilwandle agcine ehlulekile njengoba Amakhosi abekele lomdlalo into encono kakhulu etafuleni okwenze ukuthi uBilliat achayise amaqembu aphesheya kwezilwandle.

Lomdlali waseZimbabwe usayine inkontileka yeminyaka emithathu neqembu leKaizer Chiefs, kanti osukwini lwayizolo uthulwe nabadlali ababili abazodlala kwiChiefs okungu Andriamirado Andrianarimanana owaziwa kakhulu ngo Dax eqenjini lesizwe iMadagasscar,lomdlali usayine inkontileka yeminyaka emibili kanti uyena obe ngumdlali ovelele ngesikhathi kuqhubeka imidlalo ye Cosafa Cup lana eNingizimu Afrika kulenyanga.

Omunye umdlali omenyezelwe iChiefs izolo u Letlhogonolo Mirwa obegijima eqenjini leBuya Msuthu egijima ku Abc Motsepe League yase North West.

Usihlalo weKaizer Chiefs Bobby Moutaung uzwakalise okukhulu ukujabula ngabadlali babo abasha kanti kusalindwe ukuthi leliqembu liphinde limemezele umqeqeshi walo omusha njengoba yashiywa uSteve Komphela osezoqeqesha iBlomfontein Celtic.

Related posts

Leave a Comment