UDa Gama ugxeka i-Angola ngamaqhinga okuvala emuva

Isambane News cef58e50f3661467d093050ebf7628cf-300x171 UDa Gama ugxeka i-Angola ngamaqhinga okuvala emuva  Isambane

Umdlali ugxeke isikwati seBafana esizodlala ne-Angola
IBafana ilwela irekhodi lokungashaywa imidlalo engu-17
I-SAFA izomemezela umqeqeshi omusha ngemumva komdlalo we-Angola

Obambe njengomqeqeshi weBafana Bafana, u-Owen da Gama, usezwakalise ukungenami ngohlelo lwe-Angola lokudlala emdlalweni ophele zibambene ngeqanda nhlangothi zombili eBuffalo City Stadium, e-East London, ngoLwesibili kusihlwa.

Leli qembu laseNingizimu Afrika kanye nePalancas Negras bahluleke bancama ukubhakuzisa inethi kulo mdlalo wobungani obudlalelwa enkundleni ebigcwele phama.

Yize noma iBafana Bafana ibiwuphethe umdlalo, kodwa leli qembu lase-Angola livele “lapaka ibhasi” ngenhloso yokuthi libambe ezikaDa Gama ngokuhlasela sakuzuma.

Lama qhinga e-Angola abonakale emandla kakhulu kubagadli beNingizimu Afrika njengoba behluleke bancama ukugqobhoza udonga lwezimbangi.

“Bekumele sibuke bonke abadlali. Bekumele sibanike ithuba, kodwa i-Angola ibivimbe kakhulu,” uDa Gama, 55, usho kanjalo ngemuva komdlalo.

“Bebevimbe ngezitobha eziyisithupha ngaso sonke isikhathi.

“Ngokusobala bebelwazi uhlobo lwebhola esiludlalayo, kodwa bavele bathembela ekuhlaseleni sakuzuma futhi bekuwukuvimba okukhulu.”

Njengoba imidlalo yobungani emibili yeBafana ne-Angola kanye neGuinea-Bissau isidlulile, manje sekubhekwe ngabomvu ukuthi ubani ozomenyezelwa njengomqeqeshi omusha waleli qembu lesizwe kulandela ukuxoshwa kobengumqeqeshi wayo uShakes Mashaba.

UMengameli weNhlangano yebhola kuleli, iSouth Africa Football Association (SAFA), uDanny Jordaan, uqinisekise ukuthi isimemezelo sizokwenziwa ngemuva komdlalo ne-Angola, okungenzeka kube uLwesine noma uLwesihlanu kuleli sonto.

News24

Related posts

Leave a Comment