INTATHELI YESAMBANE – OSIZWENI: Zilokhu zande njalo izigameko zokutholakala kwabantu abaqola umphakathi izimali zawo ngoba bewuthembisa umsebenzi,buka nje kusanda kuvela esinye isimageko endaweni yasoSizweni.
Izolo umphakathi wasoSizweni ngaseMaskopasini uphume ngobuningi wamasha uqonde ekhaya lika-America Mabaso
Kubikwa ukuthi u-America Mabaso wasoOsizweni uyena owafika nodaba lokuthi umfundisi wakhe ufuna abantu abazosebenza kwinkontileka engaphaphansi koMapasipala waseThekwini lapho kufuneka abantu abangu-500 abazosebenza,kuhlanganise I-Newcastle,Nquthu,Ladysmith,Valkop nase Thekwini.
Abantu bekufanele bakhiphe izimali zokudiza ukuze bathole umsebenzi abathenjiswe wona ,nguAmerica Mabaso obethunye nguMfundisi Mdluli wase ndaweni yase Valkop ukuba aathole abantu abazosebenza.
Sekuzophela inyanga ka-Novemba kwafunwa imali ewu-R100 yokukhokhela imoto okwakuzohanjwa ngayo, eyayizofika ngomhlaka 30-Novemba.Kuthe kusekusondele usuku okuzohanjwa ngalo kube sekufunwa abantu abangu-34 abazodiza ngemali engu-R2500 wamarandi ukuze bezothola izikhundla ngokugcwele kulomsebenzi (permanent positions) kwamaspala. Abantu benkontileka yezinyanga eziyisithupha bakhokha imali engu-R270 baphinde bafunwa imali engu-R100 yokungena efulethini ababethinjswe ukuba bazofikikela kulo kanti nowebhasi okwakuzohanjwa ngalo naye wafuna imali engu-R100.
Ngomhlaka 29-Novemba kube sekuvela umbiko wokuthi sekuzohanjwa ngomhlaka 3-Decemba,kwagcinwa sekuhambe labo abadizile okubikwa ukuthi nabo babehamba belala ezigangeni abanye becushiswa ezimotweni kwaze kwaba umhlaka 10-Decemba bengakatholindawo.
Laba ababesele ngemuva babazi ukuthi sekuqaliwe kuyasetshenzwa eThekwini njengoba laba abadizile bona behambe ngomhlaka 3Decemba kanti lutho.Kuthe mabebuza ngezinhlelo zomsebenzi batshelwa ukuthi kulindwe bona ngomhlaka 10-Decemba kwase kuthiwa abahlangane eCacamezela High School Osizweni,eMlazi.
Abantu bafika ngehora lesihlanu ntambama balinda kuthiwa amabhasi asendleleni baze balala emadeskhini esikole ingafiki ibhasi , kwathi ngehora lesine ekuseni base bakhishwa esikoleni ngoba kuvela ukuthi uthishanhloko wesikole wayengazi ukuthi kunabantu abalelekhona.Ekuseni uma befonelwa abaphathi bomsebenzi bathi adileyile amabhasi bayaxolisa kakhulu abalinde azofika ngehora lesine ntambama base sebelinda emigwaqeni nezimpahla zabo kwaze kwashaya ihora lokuqala ezintathakusa ngokusuku olulandela lolu abebelele ngalo esikolweni, nokuyilapho babona khona ukuthi ayikho lento yomsebenzi kudlalwa ngabo ,kubika obelinde ibhasi.
U-America Mabaso ebuzwa ukuthi kwenzakalani ebengayingeni indaba yabo ebonakala edakiwe.Emva kwalokho kube sekufonelwa amaphoyisa ebikelwa ngaloludaba ase efika amaphoyisa amthatha u-America uze waphuma izolo emphika umfundisi Mdluli. Umfumdisi uma efonelwa ubekhuluma izinto ezahlukene.
Icala livuliwe ngomhlaka 11-Decemba kanti akukaboshwa muntu njengoba no-America ephume ngebheyili.
Umphakathi uthukuthele ugane unwabu ngalesisehlo sokuqolwa izimali nokuthenjiswa umsebenzi ongekho.