Udaba ngu: Njabulo Shezi
Ubekwe endlini yakhe yokugcina umculi wakuleli owaduma kakhulu ngezikhathi zengcindezelo waphinde waba ngomhlophe ocula ngesizulu.
uJohny Clegg namhlanje ubekwe endlini yakhe yokugcina, uClegg udlule emhlabeni izolo ebusuku emzini wakhe oseGoli emveni kokuba kwatholaka ukuthi ubenesifo somdlavuza.
Inkonzo yakhe yomgcwabo ibihanjelwe ngabasondelene naye kanye nomndeni.
Obeyimenenja yakhe uthe basazolikhipha usuku lwenkonzo yesikhumbuzo evulelekile emphakathini.
Isithombe sicashunwe ku: Tone Deaf – The Brag