UFIKE NABALANDELI KWABHUNTSHA UMHLANGANO UMTHANDENI.

Isambane News 57882219_1284220965065550_4532156757547417600_n-265x300 UFIKE NABALANDELI KWABHUNTSHA UMHLANGANO UMTHANDENI.  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

UMthandeni Manqele odume ngele Gcokama Elisha oyisihlabani somculo kaMaskandi kuleli ukhala ngezintatheli ezibhala amanga ngegama lakhe nezidicilela phansi igama lakhe.

Isambane News 60314575_1306711086149871_3675987763330547712_n UFIKE NABALANDELI KWABHUNTSHA UMHLANGANO UMTHANDENI.  Isambane
Umthandeni nabalandeli bakhe abebezomeseka ecaleni. Isithombe sicashunwe ku: https://web.facebook.com/Mthandeni-Igcokama-Elisha-Manqele-395599673927688/

Lokhu ukusho ngesikhathi kuhlehla umhlangano obubizwe yiKhuz’impi okuyinhlangano kaDr 3 Seconds njengoba kade kuzodingidwa isihloko se Album kaMthandeni entsha esithi “iDog Style”.

Isambane News 60346161_2198447076875025_597765649812422656_n UFIKE NABALANDELI KWABHUNTSHA UMHLANGANO UMTHANDENI.  Isambane
uDr 3 Seconds ,Isithombe sicashunwe ku: https://web.facebook.com/Dr-3-Seconds-704915832894831/

Lomfana mina bengingalindele ukuthi kanti uzofika nabantu abaningi kangaka, ngoba phela besiyoqinisekisa nezokuphepha manje yena uvele watheleka nje nensada yabantu” kubeka uDr 3 Seconds

Related posts

Leave a Comment