UFUNA UKUXAZULULA INKINGA YAMAGOLI OWEBAFANA

Isambane News 620x349-300x169 UFUNA UKUXAZULULA INKINGA YAMAGOLI OWEBAFANA  Isambane

Isambane News 620x349 UFUNA UKUXAZULULA INKINGA YAMAGOLI OWEBAFANA  Isambane
Andizo Mthembu-

Umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uStuart Baxter usezwakalise okukhulu ukudumala ngendlela iqembu lakhe elishweba ngayo uma seliphambi kwamapali kanti ukusho lokho ngemuva komdlalo nalapho iqembu lakhe likhishwe iMadagascar kumqhudelwano we Cosafa Cup oqhubeka lana eNingizimu Afrika.

IBafana Bafana ishaywe ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi,emizuliswaneni ewu 90 umdlalo uphele zibambene ngo 0-0 kwaphoqa ukuthi ziye emlotheni nalapho ezasekhaya zikhale ngaphansi.

Iqembu lesizwe bekulindeleke ukuthi ziyidlela amahlanga kulomqhudelwano njengoba bakwazile ukuthi bebe ngompetha beFour Nations Tournament eZambia ngomashi,uBaxter emvakomdlalo ekhuluma nabezindaba uthe inkinga enkulu eqenjini lakhe ukugeja kwabadlali phambi kwamapali”ngikhathazekile ngokuba buthuntu kwabadlali bethu phambi kwamapali ngoba Sakha inqwaba yamathuba kepha singawasebenzisi,ngisazophinde ngilishumayele Ivangeli lokuthi uma sesiphambi kwamapali siqinisekise ukuthi igoli liyashaywa”,kusho uBaxter.

Kulomqhudelwane weCosafa Cup uBaxter ubize abafana abasebancane abagila izimanga emaqenjini abo abafana abanjengo Sphesihle Ndlovu,Lebohang Maboe,Ryan Moon,Luther Singh, Lyle Foster, Siyabonga Ngezane ukukha abambalwa,uBaxter uthi kubalulekile ukunikeza abafana abancane ithuba,”kubalulekile ukuthi abadlali abasebancane bathole amava okudlala imidlalo yase Afrika,ngibona kuyithuba elihle leli lokuba bathole lawo mava ayosiza ngomuso emidlalweni enzima esizoba nayo, “kusho uBaxter.

Related posts

Leave a Comment