Kubikwa ukuthi sifunwa uthuli ngamaqembu ase-Europe isikhwishikhwishi somdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat.
Kuthiwa lo mdlali ufunwa ngompetha beligi yaseBelgium, iClub Brugge kanye neKV Oostende, nayo edlala esigabeni esifanayo.
UBilliat, ofakwe ohlwini lwabadlali abangu-25 abazowina indondo ye-CAF Player of the Year, usedonse amehlo ala maqembu amabili, kulandela ukudlala kahle kumaBrazilians ezikhathini ezidlule.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala cishe ungumdlali onethalente eledlulele kwabadlala ibhola eliphambili kuSundowns, futhi ungumdlali umqeqeshi weqembu, uPitso Mosimane, angeke athanda ukuhlukana naye.
Kodwa-ke lo mdlali weqembu lesizwe eZimbabwe angase abone ithuba lokuya e-Europe njengeqophelo elilandelayo ekusaseni lakhe, kanti angagcina eseya kwiBrugge noma kwi-Oostende uma ngabe elinye lala maqembu lenza isivumelwano.
Ngokombiko weSoccer Laduma, la maqembu amabili abelokhu eqaphe uBilliat njengoba iwindi lokuthenga nokuthengiswa kwabadlali lizovuleka futhi ngoJanuwari.
“I-Brugge kanye ne-Oostende bebelokhu bemqaphile. Ngihlale ngibanikeza amazwibela,” kusho umthombo waleli phephandaba.
Kodwa-ke iqembu elifuna lo mdlali kuzomele lishaye ephaketheni u-R32 million nokuyisamba semali lo mdlali abiza yona.
Akukacaci okwamanje noma iSundowns izimisele yini noma cha ukudayisa lo mdlali ngoJanuwari.