Ilungu le National freedom party (NFP) libhokodwe ngomese lashona limatasa liphanyeka uqwembe lomkhankaso lana endaweni yase Newcastle ngolwesine.
Unobhala wesifunda we NFP uLindiwe Msibi uthe u Anna Madonsela ubeku ward4 ngesikhathi exabana nowesilisa obegqoke isikibha se Anc ,kanti kusolakala ukuthi lo wesilisa ube esemgwaza .
Umsibi uthe bakholelwa ekutheni lokhu kuhlasela kunenhlansi yezepolitiki, ngoba I NFP iyawatatazelisa amanye amaqembu.
Yize I NFP ingekho ohlwini lwamaqembu azongenela ukhekho, u Msibi uthe banethemba lokuthi inkantolo izozwelana nabo yingakho beqhubeka nomkhankaso.
Ibukeka isingumkhuba indaba yokubulawa kosopolitiki Kwazulu Natal ikakhulukazi abeqembu elibusayo I ANC.