Uhulumeni wakuleli ugxeka udlame olubhekiswe kwabokufika | Isambane News

Isambane News 68731025_10156035652606222_4065413045059321856_n-300x200 Uhulumeni wakuleli ugxeka udlame olubhekiswe kwabokufika  |  Isambane News  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

Uhulumeni waseNingizimu Afrika ugxeka udlame oluqubukile, lubhekiswe kubantu bokufika,eSoweto, eGoli.

Isambane News 68731025_10156035652606222_4065413045059321856_n Uhulumeni wakuleli ugxeka udlame olubhekiswe kwabokufika  |  Isambane News  Isambane
Abakuleli abebezitapela impahla ezitolo zabokufika kuleli.
Isithombe:
https://twitter.com/GovernmentZA

Kamuva nje, sekube nezigameko ezingamukelekile, zokuhlaselwa kwezitolo zabokufika,kuthathwe impahla ezitolo ngoba bethi abahambe babuyele emazweni abo.

Esitatimendeni esikhishwe ezinkundleni zokuxhumana nguGeneral Phumla Williams woPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (GCIS) kulandela izigameko zokuhlaselwa kwabokufika ezindaweni ezehlukene eSoweto uthe “abantu kufanele balandele umthetho bangathathi umthetho ezandleni zabo ngoba ukuhlasela abantu bokufika,bashiselwe izitolo bathathelwe nempahla lokho kuyizenzo zokububengu,njengoHulumeni ngeke bakuvumele lokho”,kubika uWilliams.

Amaphoyisa asabalele kuyo yonke imigwaqo maphakathi neSoweto ukugwema lesenzo sokuhlaselwa kwabokufika kuleli.

Thola isitatimende esiphelele esikhishwe uhulumeni wakuleli ngesigameko sokuhlaselwa kwabokufika kuleli ngokuvakashela i-link engezansi.

https://t.co/NL9YP9U8y0?amp=1

Related posts

Leave a Comment