UKaunda uqokwe ngokusemthethweni kweseMeya yeTheku | Isambane News

Isambane News 68967809_2645373238820465_1023115309315260416_n-240x300 UKaunda uqokwe ngokusemthethweni kweseMeya yeTheku |  Isambane News  Isambane

Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe

Obengu Ngqongqoshe wezokuThutha KwaZulu Natal uMnu Mxolisi Kaunda useqokwe njengeMeya entsha yeTheku.

Isambane News 68967809_2645373238820465_1023115309315260416_n-1 UKaunda uqokwe ngokusemthethweni kweseMeya yeTheku |  Isambane News  Isambane
uMnu Mxolisi Kaunda useqokwe njengeMeya entsha yeTheku .
Isithombe sicashunwe ku: https://www.facebook.com/thomas.kaunda.39

Lokhu kulandela ukuthi uNksz Zandile Gumede etholwe ethinteka ecaleni lenkohlakalo nokukwabanisa kwethenda elinganiselwa ku-208 million wamarandi lokuqoqa imfucuza.UGumede ungaphandle ngebheyili ka-R50 000 kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo ngenyanga ezayo.

Ubuholi be-ANC banquma ukuba ixoshwe iMeya yeTheku uGumede, ohlale izinyanga eziningi ekhaya ngomyalelo weQembu le-ANC mayelana nalezinsolo.

AmaQembu aPhikisayo KwaZulu-Natal abe esefuna kuqokwe ozolawula aphinde aqinisekise ukuthi idolobha lase Thekwini lisebenza kahle.

uKaunda uzongena ezicathulweni zika Nksz Zandile Gumede njenge Meya yeTheku,kanti uMnuz Bheki Ntuli usengu Ngqongqoshe wezokuThutha KwaZulu Natal.



Related posts

Leave a Comment