Udaba ngu: Njabulo Shezi
Uqweqwe lomethuli wezinhlelo zezemidlalo uRobert Marawa ukhonjwe indlela emveni kokugxeka okwenziwe yiSAFA okuyinhlangano ephethe ibhola emza ukuthi bangawathathi amaphuzu kwiMamelodi Sundowns kodwa kuthiwe mabakhokhe Imali.
UMarawa uphinde waveza ukuthi uDr Irvin Khoza ongusihlalo wePSL uzamile ukwenza ubulungiswa kodwa iSAFA yakuhlaba yakuhlikiza konke lokho,waphinde waveza nokuthi yebo uMotsepe uyalixhasa ibhola lethu njengoba engumxhasi weABC Motsepe League kodwa umthetho kufanele uhambe phambili.
UMarawa ukhonjwe indlela abakwaSupersport nge-SMS ngaphambi kokuthi kuqale uhlelo lwakhe ngoLwesine kusihlwa iThursday Night Live with Marawa edlala kuSupersport 4 (204), oludlala ngo-8.30 njalo ngolwesine ebusuku.
Kusolakala ukuthi usaziwayo wakuleli nongumlandeli weChiefs uBonang Matheba angase agqoke izicathulo zikaMarawa.
Isithombe: Sicashunwe kwi-News24