UKomphela unethemba lokuqeda imidlalo yePSL ekwiTop 8

Isambane News images-1 UKomphela unethemba lokuqeda imidlalo yePSL ekwiTop 8  Isambane


Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uSteve Komphela uthi unethemba lokuthi uma kuphela isizini ye-Absa Premiership iqembu lakhe lizongena kwiTop 8.

UKomphela udalule lokhu ngemuva kokudla ngokulingana naMaZulu emdlalweni ebebenawo ngesonto.

UKophela uthi nakuba bengadliwanga ,bedlale ngolingana naMazulu kodwa bekufanele bathole okungaphezulu kwephuzu elilodwa. Phakathi kwezinto akhala ngazo uKomphela, yiphenathi abancishwe yona kudlaliswa kabi uLerato Lamola, obengene esuka ebhentshini.

UKomphela uthi okufanele bakwenze eqenjini lakhe ukufaka wonke amandla abanawo emdlalweni esele ukuze bezongena kwi-Top8 ekupheleni kwesizini.”

I- Golden Arrows kulindeleke ukuba yamukwamukele iTS Galaxy ngoMgqibelo kowandulela owamanqamu weNedbank Cup enkundleni abawalahla kuyona amaphuzu ngeSonto, eClermont.

Related posts

Leave a Comment