Ukunqoba kwe-Sundowns kuzofeza iphupho lango-2022 – Jordaan

Isambane News download-1 Ukunqoba kwe-Sundowns kuzofeza iphupho lango-2022 – Jordaan  Isambane

UMengameli we-South African Football Association (SAFA), uDanny Jordaan, usencome iMamelodi Sundowns ngokunqoba isicoco se-CAF Champions League.

Labo mphetha be-Absa Premiership bahlule izinkunzi zase-Egypt, iZamalek, ngo-3-1 kumphumela womlenze wokuqala kanye nowesibili.

“Ngithanda ukubongela iSundowns ngokuzuza kwabo okuphindiwe – ukuba ngompetha base-Afrika kanye nokuhlungelwa iFIFA Club World Cup ezobanjelwa eToyko, eJapan, kusukela ngoDisemba mhlaka-8 kuya kumhlaka-18,” uJordaan utshele i-website yeSAFA.

Uqhube wathi lokhu kunqoba kuzosiza iNingizimu Afrika kuphinde kuqinise neqembu lesizwe iBafana Bafana nokuyingxenye yohlelo olude oluphela ngonyaka ka-2022.

Related posts

Leave a Comment