Ukuxhunywa kukagesi kuthathwa njengokungekho emthethweni uma inkampani yakwa Eskom ingazange inikezele ngemvume.

Isambane News 14681683_1815127605372155_6546086942306242594_n-300x144 Ukuxhunywa kukagesi kuthathwa njengokungekho emthethweni uma inkampani yakwa Eskom ingazange inikezele ngemvume.  Isambane

Ukuxhunywa kukagesi ngokungekho emthethweni kanye nokuthintathinta ama metre yikona okudala ukuthi abantu balimale baphinde bashone eNingizimu Africa.

Lokhu kushiwo inkampani ephakela ngogesi kuleli uEskom.

uEskom uthi lokhu kubalwa abazidonsela ugesi kumabhkoisi okanye abadonsa ugesi komakhelwane okanye ukufaka ugesi ngokomkhanyovu.

Okhulumela abakwa Eskom uKhulu Phasiwe uthi okubuhlungu kakhulu ukuthi esikhathini esiningi izingane ezithintekayo kulokhukufa okudalwa ukuxhunywa kogesi ngokungekho emthethweni.

uPhasiwe uthi konke lokho kuyingozi ngoba kusuke kwenziwa abantu abangaqeqeshelwe lokho.

Uthi ukubhekana nalenkinga inkampani yakwa Eskom isisungule umkhankaso we operation khanyisa obhekelele ukufundisa izakhamizi zaseningizimu Africa ukuthi zisebenzise ugesi ngokusemthethweni

Related posts

Leave a Comment