Udaba ngu: Njabulo Shezi
Obengumqeqeshi weOrlando Pirates uMicho oshiye phansi izintambo kwezimnyama ngoLwesihlanu ebusuku ngenxa yokuthi unkosikazi wakhe “ubengaphilile” ekhaya ngokusho kwakhe.Namhlanje wethulwe yiqembu laseEgypt iZamalek SC ngokusemthethweni.
U Micho ushiye kwezimnyama besekuvele kunezindaba ebezilokhu zivela zokuthi uMicho uzingelwa yilezinkunzi zaseGibhithe.
Kumangaze abaningi ukulaxaza kwaMicho umsebenzi njengoba lezindaba ziyezaqhatha iPirates nenduku ka 1-0 zibhaxabulwa yiHighlands Park emqhudelwaneni we MTN 8.
U Micho enkulumweni yakhe abenayo nesithangami sabezindaba ukuvezile nokuthi kakade bekuyiphupho lakhe vele ukuqeqesha eGibhithe futhi asebenze emaqenjini amakhulu khona.