uLundi uzobekwa endaweni yakhe yokugcina eWestern Cape ngeSonto

Isambane News Lundi-1-280x300 uLundi uzobekwa endaweni yakhe yokugcina eWestern Cape ngeSonto  Isambane

Inkonzo yesikhumbuzo yengwazi yomculo wokholo uLundi Tyamara ibanjelwe ebandleni laseGrace ePimville.

Amakhulu ngamakhulu abantu abahambelelenkonzo yesikhumbuzo okubalwa abalandeli,abafundisi,kanye nongqongqoshe abahlukahlukene kanjalo nabaculi abahlukahlukene okubalwa kubo uYvonne Chaka Chaka ,Deborah Fraser nabanye abaningi bezobungaza impilo yesihlabanki somculo wokholo.

uLundi udlule emhlabeni ngoLwesihlanu esibhedlela iEdenvale emvakokuthi egule ehlushwa I TB yesisu kanye nenkinga yesibindi.
uLundi waduma kakhulu ngecwecwe lakhe elalithi mphefumlo wam alashisa izikhotha.

Omunye wabaculi abayizigagayi kulendima yomculo uRebecca Malope uthe ushaqeke nasozwaneni ngokudlula emhlabeni kuka Lundi njengalkhu asebenza naye iminyaka eminingi ecula emvakwakhe udokotela uRebecca Malope

uDokotela Malope uthi ukuhamba kwabaculi belandelana ngalendlela kubashiya nomuzwa wokuthi kumele bazohlolisise ngobubona.

Owake waba umphathi wakhe ngaphambilini emculeni uTshepo Nzimande ugeqe amagula ngempilo kaLundi nokuhlushwa kwakhe izidakamizwa uNzimande ukugxekile ukungasekani kwabaculi ikakhulukazi embonini yezomculo.

uDeborah Fraser naye uchazele izinkumbi zabantu ngokwashiwo uLundi ngezindondo zama crown naye umnikazi wama crown ekhona .
Lo ka Fraser uthi ubudlelwano bakhe noLundi bekungobukamama nendodana bekuyilapho ebekhiphela khona bonke ubuhlungu bakhe.

Kuthe isiphothulwa inkonzo yesikhumbuzo kwabamuncu kakhulu lapho omunye wabaculi abadumile uSechaba Pali enqanyulwa enkulumeni yakhe umbhobho wathula .
uSechaba kuthiwe uvele wadikila wakahala eshiya inkundla .

Related posts

Leave a Comment