UMAHLABA UTHI EKUGCINENI IQINISO LIYOVELA

Isambane News 55611069_2564474990246812_7216882278167740416_n-228x300 UMAHLABA UTHI EKUGCINENI IQINISO LIYOVELA  Isambane

Udedelwe ngebheyili ka R20 000 iNkantolo yaseMadadeni uMeya waseNewcastle aphinde abe ngusihlalo we ANC eMalahleni uDkt Ntuthuko Mahlaba

UJunda ubevele ngomsombuluko ngaphambi kweNkantolo ngamacala asolwa ngawo, ekungelokubulala, ukuzama ukubulala kanye nawokwakha itulo lokubulala..

Inkantolo ibigcwele phama izinkumbi zikaKhongolose ziyoseka uJunda,

UMahlaba ukhulume namalungu aleliqembu ngaphandle kweNkantolo wathi ekugcineni iqiniso liyovela.

“Ngiyacela singawanyanyi amaphoyisa asiwayekeni enze umsebenzi wawo kanjalo neNkantolo kodwa siyazi ukuthi iqiniso ekugcineni liyovela” kusho uMahlaba.

UMahlaba uphinde wagxeka labo ababhala kabi ezinkundleni zokuxhumana ngeqembu lika ANC,” Abantu abangaphuzi utshwala babheme nezidakamizwa bese beyobhala koFacebook into engekho engeyona futhi iqiniso ‘kuphetha uJunda.

UMahlaba uzobuyela eNkantolo ngomhlaka 30kuApril 2019

Umbiko: https://www.facebook.com/NCR-FM-News

Isithombe sicashunwe kuFacebook: https://www.facebook.com/newcastlemunicipality/

Related posts

Leave a Comment