UMashaba ugxeka iSAFA ngokufuna ukunika abangani umsebenzi

Isambane News images-3-300x169 UMashaba ugxeka iSAFA ngokufuna ukunika abangani umsebenzi  Isambane

– Umqeqeshi weBafana Bafana, uShakes Mashaba, usegxeke iSouth African Football Association (SAFA) ngokufuna ukumxosha ukuze izonika umsebenzi abantu abangabangani nabasondelene nale nhlangano.

IBafana Bafana iwine umdlalo obalulekile idlalela ekhaya neSenegal emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ka-2018 ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.

Kodwa-ke lokhu kunqoba kulandelwe ukuzibandakanya kwaMashaba “esigamekweni esingamukelekile”.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-66 ubudala usemisiwe yi-SAFA ngalesi senzo sakhe.

Ngokombiko weSowetan Live, uMengameli weSAFA, uDanny Jordaan kanye ne-CEO, uDennis Mumble, babehola ithimba eliphezulu elaliyohalalisela uMashaba ngemumva komdlalo.

Kodwa-ke lo mqeqeshi weBafana wavele wavuka indlobane nokuyisigameko esaqoshwa bukhoma kumabonakude futhi kubonakala ukuthi uMashaba ubhodla umlilo.

Kwala noma uMethuli wezinhlelo kwaSABC ezama ukwehlisa umoya uMashaba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, waqhubeka nokwakubukeka engathi wayeshiya angalazi kwabezindaba kanye nasebuholini be-SAFA.

Omunye wabasebenzi beSABC ongadalulwanga uveze ukuthi iSABC yayingasakwazi nokuthatha okwakwenzeka bukhoma ngenxa yokuziphatha kwaMashaba.

“Wayegxeka wonke umuntu, ekhomba ngeminwe abezindaba kanye neSAFA ikakhulukazi, ethi bamfuna ehambile ukuze abangani babo bezonikezwa umsebenzi (kwiBafana),” kusho lo msebenzi weSABC.

Related posts

Leave a Comment