Umeya womkhandlu was eThekwini u Zandile Gumede wethule ngokumthethweni uhlelo lokubika izinkinga zomphakathi ngo Whatsapp.Inhloso yalolu hlelo yingoba umkhandlu ubonile ukuthi iningi labantu lisebenzisa u Whatsapp kanti lokhu kuzokwenza kube lula ukuthi umphakathi ukwazi ukuxhumana nomasipala uma unezinkinga.
uGumede uthe bethule lohlelo ngoba benzela umuntu ongumhlali was eThekwini uma enenkinga afisa ukuyisho ephuthumayo akwazi ukuxhumana nabo ngo Whatsapp ngoba uyashesha.Bakhethe amanzi kakhulu ngoba isifundazwe sase Kzn sikhungethwe isomiso.
uGumede uphethe ngokuthi, uma kukhona ukuvuza kwamanzi okuthile bakhokha imali enkulu njengo mkhandlu ,ngamanzi avuza engaphuziwe ngakho-ke bacela umphakathi ubalekelele,uthathe izithombe,ubhale futhi ubike ku Whatsapp khona bezokwazi njengomkhandlu izinkinga ngoba bona sebekulungele ukubhekana nezinkinga zonke ezivelayo bezokwazi ukwehlisa ukumosheka kwamanzi.
Izakhamuzi ezakhele itheku zikujabulele kakhulu ukwethulwa kwaloluhlelo lokubikwa kwezinkinga online.
Whatsapp water reporting line 073 148 3477
Umasipala weTheku wethule ngokusemthethweni uhlelo lokubika izinkinga zomphakathi ngo Whatsapp.
