UMathoho usehoxisiwe eqenjini leBafana ngenxa yesifo kubo

Isambane News ErickMathoho-300x190 UMathoho usehoxisiwe eqenjini leBafana ngenxa yesifo kubo  Isambane

UMathoho usehoxisiwe eqenjini leBafana ngenxa yesifo kubo
UMashaba uncome ukuzinikela kukaMathoho yize eshonelwe
Sibonakele isikhala sikaMathoho – Umqeqeshi
Johannesburg – Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba usehoxise u-Erick Mathoho eqenjini elizobhekana neGhana kusasa kulandela ukushonelwa yilungu lomndeni.

Umfowabo kaMathoho udlule emhlabeni ngesonto eledlule, kodwa umdlali weKaizer Chiefs wavuma ukuthi uzodlala uma iBafana isibhekene neBurkina Faso emdlalweni obungempelasonto ophele ngo-1-1.

‘UTower’, manje usebuyele kubo eLimpopo kanti ngeke abeyingxenye yeqembu elizodlala neBlack Stars eMoses Mabhida Stadium.

Lo mdlali angase aphinde aphuthwe umdlalo weligi ozobe uphakathi kweChiefs ne-Ajax Cape Town eThekwini ngoMgqibelo.

Inhloko yezokuxhumama kwi-SAFA uDominic Chimhavi ukuqinisekisile ukuthi uMathoho usededelwe eqenjini leBafana, kubika iKickOff.com.

Related posts

Leave a Comment