UMbalula uthi uzokomelisa iSundowns ngokudlala kahle kwi-CAF

Isambane News Fikile-Mbalula-300x183 UMbalula uthi uzokomelisa iSundowns ngokudlala kahle kwi-CAF  Isambane

UNgqongqoshe wezemiDlalo nokuNgcebeleka, uFikile Mbalula, usekuqinisekisile ukuthi uzokomelisa iMamelodi Sundowns ngeqhaza layo emidlalweni yeCAF Champions League.

Lokhu kwenzeka nje amaBrazilians azotholana phezulu neZamalek emdlalweni obhekwe ngabomvu womlenze wesibili wamanqamu we-CAF Champions League ngeSonto e-Egypt.

UMbalula akakudalulanga ukuthi uMnyango wakhe uzobakomelisa ngamalini Abafana Besitayela, umdlali ngamunye, wathi umkhankaso waleli qembu wokunqoba e-Afrika awuncikile emalini, kodwa ukuzigqaja kwezwe kanye neqembu.

“Yebo bazoklonyeliswa ngokuzuza kwabo okukhulu,” kugcizelela uMbalula.

Uqhube wathi kubafanele asebekuzuzile wathi sebezenzele umsebenzi omuhle bona kanye nesizwe.

“Kulesi sigaba kungenzeka singasho ukuthi yimalini esizoyinika umdlali ngamunye, asikwazi ukuvele sithi u-R50 000 umdlali ngamunye ngoba ukuba kowamanqamu kubona akusikho okwemali kuphela, kodwa okokozigqaja.

“Kodwa into engiyazi ngokuqinisekisile ukuthi uMnyango wethu uzobakomelisa ngakho kumele bavele baye eCairo bese beqedela umsebenzi.

Related posts

Leave a Comment