Umengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yabantu abangu-13 abashone kubhidlika isakhiwo sesonto

Isambane News SABC-News_Cyril_Church_Twitter-@MYANC-300x169 Umengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yabantu abangu-13 abashone kubhidlika isakhiwo sesonto  Isambane

Umengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yalabo abashone ngenkathi kubhidlika isakhiwo sesonto eDlangubo ngaseMpangeni Kwa-Zulu Natal.

Kube yizindaba ezibuhlungu kakhulu nokwenza kuqala iphasika ngenkathi kushona,ingxeke yesakhiwo sebandla ibhidlike maqede yawela kubazalwane bebandla ngolwesine kusihlwa.

Kubikwa ukuthi ukubhidlisa kwalesakhiwo sesonto kudalwe imvula ebihambisana nomoya onamandla ebusuku,ezinye zezisulu kulengozi bezilele ngenkathi kubhidlika lesisakhiwo.

Isambane News unnamed-1 Umengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yabantu abangu-13 abashone kubhidlika isakhiwo sesonto  Isambane

Isakhiwo sesonto esibhidlike ngenkathi kuhlasele imvula ebihambisana nomoya onamandla ebusuku

Abesifazane abayishumi nambili (12) kanye nosana lomfana bashonele endaweni yesigameko kwathi abazalwane abayishumi nantathu(13) abalimele bathunyiswe esibhedlela.

Imindeni yabashonile ishaqekile kakhulu ngalesigameko

Abazalwane bebandla bona abakwazana ukubiza abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko ,ngenxa yokuthi i-Network komakhalekhukhwini ibingadonsi kahle uma bezama ukufona.

Kwabalimele bakhishiwe esibhedlela kanti abanye basasesimeni esibucayi kakhulu.

Umengameli udlulise kakhulu ukuzwelana nemindeni yalabo abashone kulesigameko.

Umengameli udlulise lamazwi ngenkathi ehambele ibandla le-Methodist Church KwaNzimande ngase Port Edward Kwa-Zulu Natal ephelezelwa usihlalo we-ANC kwisifundazwe uMnuz Sihle Zikalala.

Isambane News SABC-News_Cyril_Church_Twitter-@MYANC Umengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yabantu abangu-13 abashone kubhidlika isakhiwo sesonto  Isambane

Umengameli uCyril Ramaphosa ephelezelwa usihlalo we-ANC kwisifundazwe uMnuz Sihle Zikalala eMethodist Church KwaNzimande

Related posts

Leave a Comment