UMengameli weNATU uMnu Allen Thompson uthi abamelene nokuvulwa kwezikole | Isambane News

Isambane News 111599879-300x199 UMengameli weNATU uMnu Allen Thompson uthi abamelene nokuvulwa  kwezikole | Isambane News  Isambane

Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe

UMengameli weNyunyunyana yothisha i- NATU uMnu Allen Thompson uthi abamelene nokuvulwa kwezikole kodwa bafuna izikole zivulwe kube kuwukuthi othisha nabafundi bavikelekike kwigciwane le COVID-19.

Lenyunyana ithi sekuthathe iminyaka engaphezu kuka 20 kuthiwa kuzofika uhlelo lwamathangi amanzi kodwa lutho sekuze kubheduke leligciwane.

UThompson uthi abanankinga ngaloluhlelo lokulethwa kwàmathangi kodwa okubalulekile ukuthi kuxhunywe amathangi kufakwe namanzi , kube khona nezigeza zandla zokubulala amagciwane nohlelo lokubhekelela ukugcwala ngokweqile emakilasini.

Isambane News 111599879-1 UMengameli weNATU uMnu Allen Thompson uthi abamelene nokuvulwa  kwezikole | Isambane News  Isambane
UMengameli weNyunyunyana yothisha i- NATU uMnu Allen Thompson
Isithombe: IOL

‘Uthi imibiko abayitholile ayikhombi ukuthi izikole zikulungele ukuvula ngomhlaka 1 June’ kusho uThompson. Uqhube wathi umhlanhlandlela wezinto wemibiko yezinto esezilungisiwe (ingqalasizinda yezikole nokuhlanzwa kwezikole ) zakha ithemba kunokuba kugaganyelwe ngosuku lokuvula.

UMengameli waleNyunyana uthi bangayanoma inini ezikoleni kodwa uthi kubuhlungu ukufundisela amangcwaba.

Isimbombe: IOL

Related posts

Leave a Comment