UMengameli Zuma ubongele iSundowns ngokunqoba iCAF

Isambane News President_Jacob_Zuma_Official_400x400-300x300 UMengameli Zuma ubongele iSundowns ngokunqoba iCAF  Isambane

UMengameli Jacob Zuma usehalalisele iMamelodi Sundowns ngokunqoba isicoco seCAF Champions League ngempelasonto.

AmaBrazilians anqobe lo mqhudelwano omkhulukazi wamakilabhu ezwenikazi lase-Afrika emva kokutholana phezulu nezinkunzi zase-Egypt, iZamalek, e-Alexandria, e-Egypt.

“Ngempela kuwumzuzu wentokozo enkulu eNingizimu Afrika futhi sihalalisela abadlali be-Mamelodi Sundowns, ithimba labaqeqeshi kanye nabaphathi bonke ngokusimela kahle kakhulu kule ngqophamlando yesicoco sase-Afrika esinzima futhi batholela iNingizimu Afrika enye inkanyezi,” kusho uMengameli Zuma.

Uqhube wathi bayaziqhenya kakhulu ngokuzuzwe ngaBafana Besitayela, wathi ukholwa ukuthi ukwenza kwabo kahle kuzobeka iNingizimu Afrika ezingeni eliphezulu emkhakheni webhola ezweni lonke.

ISundowns isibe yiqembu lesibili kuleli ukunqoba lesi sicoco njengoba ne-Orlando Pirates yenza okufanayo ngonyaka ka-1995, yaba yiqembu lokuqalal kuleli ukuthola ukugqoka ijezi elinenkanyezi.

Related posts

Leave a Comment