Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe

uMeya kaMaspala wase Newcastle u Cllr Mahlaba
uMeya kaMaspala wase Newcastle u Cllr Mahlaba uthule iSabelo Mali sonyaka ka 2019/20 ngaphansi kwama ward ase Blauubosch eMzamo Sport Ground. Kule Sabelo Mali bekukhona – Cllr Ndaba, Cllr Danisa, Cllr Molelekoa, Cllr Buthelezi, Cllr Shukela,Cllr Mdluli kanye namalunga oMphakathi.

uMahlaba uthe, ” bengu maspala wase Newcastle babeke imali engango R22 million ozosesthenziswa ukufaka ama CCTV Camera eNewcastle ngenhloso yokuvulwa nobugebengu obuhlasele indawo yethu”. Uqhube wathi ayikho imali ezokwehla ngomlenze yonke imali kufanele ifezekise izidingo ngqangi zomphakathi futhi isebenze ngendlela efanele. Kukhona no R600 000 obekiwe ozolekelela abafundi ukuba bakwazi ukuya emaNyuvesi. Kulindeleke nokuthi kwakhiwe umtapo wolwazi endaweni yase Blauubosch kanti ihholo lomphakathi lona lizothengelwa ifenisha bese liyavulwa.

iSabelo Mali izoqala ukusetshenziswa mhlaka I July kuze kube umhlaka 30 June ngonyaka Ozayo. Lemali eyomphakathi kanye naba khokhi bentela bona bengama Khansela umsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi iyasebenza kahle imali nangendlela efanele. Futhi kuwu msebenzini wabo ukuletha ingqala sizinda emphakathini kanti nabantu kumele bayinakekele Intuthuko elethwa kubo yingakho bethi kufanele bakhulise i- Newcastle ndawonye.