Umholi we-BLF uAndile Mngxitama unxenxe abafundi baseMajuba College ukuba bavotele iqembu le-BLF

Isambane News IMG_0279-300x300 Umholi we-BLF uAndile Mngxitama unxenxe abafundi baseMajuba College ukuba bavotele iqembu le-BLF  Isambane

Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe

Umholi we Black First Land First u-Andile Mngxitama ubehambele endawo yase madadeni esigcemeni sesibili ekolishi laseMajuba ukuzo nxenxa abafundi ukuba bavotele iqembu le BLF izolo.

Isambane News IMG_0279-1024x1024 Umholi we-BLF uAndile Mngxitama unxenxe abafundi baseMajuba College ukuba bavotele iqembu le-BLF  Isambane

Umholi we Black First Land First u-Andile Mngxitama

uMngxitama uthi njengoba iQembu lakhe lizongena ePhalamende abantu abamnyama bakuleli kufanele bafake izicelo zabo zokuthola umhlaba kanti uHulumeni, uthi bawunika izinyanga ezintantu ukuba ulungise udaba lomhlaba uma kungenzeki lokho uzophuma yena njenge lunga lePhalamende ayokhuluma nama Khosi ngodaba lomhlaba emva kwalokho kuthathwe uMhlaba ngoDli.

Isambane News 59712001_2275355126119652_7287151142880935936_n Umholi we-BLF uAndile Mngxitama unxenxe abafundi baseMajuba College ukuba bavotele iqembu le-BLF  Isambane
Intatheli yeSambane,uSamukelisiwe Hadebe Ngesikhathi ekhuluma nomholi we-BLF

Kwazise sekuphele iminyaka abantu bekhala ngodaba lomhlaba. Uqhube wathi bafuna iZwe libuye kanye no Mnotho ukuze abantu base Ningizimu Afrika baphile kahle. Abantu mabavotele I – BLF mhlaka 8 ku May, ukuze bezolungisa elo mhlaba, umfundo, imisebenzi kanye nohlelo lwe SANKARA OATH ‘lwezibhedlela ukuba mazisetshenziswe nayizikhulu eziphezulu ukuze kuzokhuphuka izidingo gqangi ezitholwa ngabantu.

Isambane News IMG_0274-1024x1024 Umholi we-BLF uAndile Mngxitama unxenxe abafundi baseMajuba College ukuba bavotele iqembu le-BLF  Isambane
Umholi we-BLF ngesikhathi ekhuluma nabafundi eMajuba College

Uphethe ngokuthi iqembu le BLF line misebenzi engango 6 million kwezolimo, uloliwe kanye nokumbiwa kwemigodi.

Isambane News 58961756_2275388069449691_7504691326617649152_n Umholi we-BLF uAndile Mngxitama unxenxe abafundi baseMajuba College ukuba bavotele iqembu le-BLF  Isambane

Umholi we-BLF ngesikhathi ekhuluma nabafundi eMajuba College

Related posts

Leave a Comment