Umongameli we ANCYL uCollen Maine usememezele ukuthi lo ongusotswebhu weqembu leANC uJackson Mthembu ehle esikhundleni akusona.

Isambane News 14708363_1820178428200406_5956231381617109998_n Umongameli we ANCYL uCollen Maine usememezele ukuthi lo ongusotswebhu weqembu leANC uJackson Mthembu ehle esikhundleni akusona.  Isambane

uMthembu waveza isimo ukushuba kwesimo phakathi eqenjini le ANC ngenkathi ethi umongameli uJacob Zuma kanye nesigungu esiphezulu seqembu sesule.
Umthembu uthi ukhathazekile ngobuholi beqembu obuqhubekayo bokona kuleliqembu wathi sekuyisikhathi sokuthi behle.
uMthembu wathi ukulahleka kwamavoti kukhetho lohulumeni basekhaya ngomhlaka 03 ku August kwaba ubufakazi bokuthi isigungu esiphezulu asenzi kahle.
Uphinde wakhala ngokuthi ukushushiswa kuka Gordhan kwelokukhwabanisa kubukeka ngathi kuzohlukanisa iqembu le ANC.
Usotshwebhu we ANC usola ubuholi beqembu ngokuthi bedlula ngisho uhulumeni wobasndlululo indlela nje abangayo ngokusebenzisa izinsiza zombuso kungqongqoshe
uMaine uthi kuyishwa ukuthi uMthembu uzokhetha ukubukisa kunokuthi alndele okufunwa iqembu.
Okhulumela iqembu leANC uZizi Kodwa uthi njengeqembu bazimisele ukuthi bahlale phansi kumhlangano olandelayo wesigungu baxoxe noMthembu

Related posts

Leave a Comment