UMphahlele uthi iChiefs kumele iqhubeke ngaleli giya edlala ngalo

Isambane News download UMphahlele uthi iChiefs kumele iqhubeke ngaleli giya edlala ngalo  Isambane

Umdlali wasemuva kuKaizer Chiefs, uRamahlwe Mphahlele, usecele iqembu ukuba liqhubeke ngaleli giya elihamba ngalo uma selibuya ekhefini.

IChiefs iphuma ekunqobeni imidlalo emithathu ilandelana, kanti lo mdlali owayegijima kuMamelodi Sundowns usegcizelele ngokubaluleka kokuqhubeka nomgqigqo omusha, kubika iSoccer Laduma.

“Kumele siqhubeke sihambe ngalo leli giya,” esho etshela izintatheli.

“Kubalulekile ukuthi siqhubeke sihambe ngaleli giya esihamba ngalo uma sifuna ukuqhubeka nokunqoba imidlalo.”

UMphahlele uqhube ngokuthi ozakwabo akumele baphazamiseke njengoba kuyisikhathi sekhefu.

“Siyazi kukhona ikhefu, kepha lokho akusho ukuthi sekumele sizithele ngabandayo. Sizoqhubeka nokusebenza ngokuzimisela ngethemba lokuwina yonke imidlalo,” kusho lo mdlali weBafana Bafana.

Related posts

Leave a Comment