Umphakathi wakamathukuza uvuke umbhejezane wavala umgqwaqo.

Isambane News 67810919_928642954141046_2007905113619824640_n-300x225 Umphakathi wakamathukuza uvuke umbhejezane wavala umgqwaqo.  Isambane

Udaba ngu: Nosihle Guliwe

Kuvalwe umngwaqo ngenkathi umphakathi waKwaMathukuza eNewcastle ubhikisha namhlanje ekuseni.

Ababhikishi bavale umgwaqo ngamatshe kanye nangamathaya avuthayo. Umphakathi ukhala ngokuhlinzekwa kwezidingo endaweni.

Obegibele itekisi eya emsebenzini ngenkathi ehlangabezana nalombikisho uthe, “asikwazanga ukufika ngesikhathi emsebenzini besilokhu sifone njalo sibika emsebenzini”,kuchaza obegibele itekisi.

Nezingane zesikole esifunda edolebheni laseNewcastle,ezihamba ngamabhasi namatekisi azifikanga ngesikhathi ezikoleni.

Amaphoyisa omgwaqo kuphoqeleke ukuthi avale imigwaqo u-Albert Wessels noMadadeni Road kulandela isiminyaminya ebesesikhona emgwaqeni.Kusentsheziswe umgwaqo ongena eMadadeni, ukukhiphele emabhodini.

Izithombe: Zithunyelwe

Isambane News 67874996_928643044141037_2003946687076237312_n Umphakathi wakamathukuza uvuke umbhejezane wavala umgqwaqo.  Isambane
Isambane News 67754877_928643047474370_1309470245047500800_n Umphakathi wakamathukuza uvuke umbhejezane wavala umgqwaqo.  Isambane
Isambane News 67630792_928643074141034_440534486313074688_n Umphakathi wakamathukuza uvuke umbhejezane wavala umgqwaqo.  Isambane

Related posts

Leave a Comment