Umphakathi waseMadadeni ukhala ngokwebiwa kwezivalo zezitamukoko bese kusala kuvuleke nge imigodi.

Isambane News 375_250-manhole_reg-300x200 Umphakathi waseMadadeni ukhala ngokwebiwa kwezivalo zezitamukoko bese kusala kuvuleke nge imigodi.  Isambane
Isambane News 375_250-manhole_reg Umphakathi waseMadadeni ukhala ngokwebiwa kwezivalo zezitamukoko bese kusala kuvuleke nge imigodi.  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

Kuyamangaza ukubona sekuntshontshwa nezivalo zezitamukoko,ngoba besazi kwebiwa izimpompi zensimbi siyodayiswa kodwa kubukeka sekufike okusha,nokuyinto eqale ukwenzeka ngenyanga edlule.

Lolu hlobo lwezivalo ezebiwayo ezensimbi,nokusolakala ukuthi zebiwa amaphara aseMadadeni bese eyozidayisa ezi-Scrap Yard ngenhloso yokuthola imali.

Umphakathi uphinde wakhala ngobungozi obukhona emva kokwebiwa kwalezizivalo ngoba kunezingane kanye nabantu abahambayo endleleni abangase begalakadele kuyo lemigodi evulekile ngenxa yokwebiwa kwazivalo.

Umphakathi unxusa amaphoyisa aseMadadeni ukuba angenelele kuloludaba aphinde ayohlola nakuma-Scrap Yards lapho kudayiswa khona lezizinsimbi.

Umphakathi unxusa noMasipala waseNewcastle ukuba ungenelele bese efaka uhlobo lwezivalo zikasimende ngoba kusobala lezi zensimbi ziyebiwa ziyodayiswa.

#IsambaneNews #SibuyaNazoZishisa www.isambanenews.co.za

Related posts

Leave a Comment