Umqeqeshi we bafana bafana u Mnuz Shakes Mashaba, ukhale kakhulu ngendlela abafana bakhe abadlale ngayo bebhekene ne Mauritania.
Lomdlalo oyingxenye yomkhankaso wokungenela i Africa Cup of Nations uphele ngo 1-1 yize i Mauritania ibisidlala ngabadlali abalishumi.
“Okwenza kuzwele kakhulu wukuthi sihlulwe amapenadi nokuyilona ebekumele silithole lisibeke kwelinye izinga sibuye sindizela phezulu” kusho uMashaba.
U Mashaba uthe yize kunjalo ,ubona sengathi abafana bakhe badlale kahle ubuye wakhala ngenqaku abalishiyile kodwa uyasibona isikhala somuntu oyedwa noma ababili abazoba insika yeqembu lesizwe.